INDLELA YOKUGEZA IZANDLA

Ukugeza izandla enye eyeziphusile nezinempumelelo izindlela zokuvikela ukusabalala kwamagciwane.

Landela lezinyathelo nkathi zonke uma ugeza izandla:

Manzisa izandla zakho ngamanzi ahlanzekile, ashisayo nagijimayo.
Yenza igwebu ezandleni ngensipho.
Khuhla ingemuva lezandla zakho, phakathi kweminwe nangaphansi kwezinzipho okungenani imizuzwana ewu-20.
Hlambulula izandla zakho ngaphansi kwamanzi ahlanzekile, agijimayo.
Sula izandla, usebenzisa ithawula elihlanzekile, noma ngomshini womoya.
Sebenzisa ithawula ukuvala umpompi.

(Downloada ushicilele loluphawu ulusebenzise ekhaya lakho noma/kukanye ebhizinisini)

ISANITHAZA YEZANDLA

Isanithaza yezandla ayithathi indawoyokugeza izandla.

Isanithaza yezandla isetshenziswa ukwenezelela ukugeza izandla noma kunesimo esimbi lapho insipho namanzi zingatholakali ngaleso sikhathi.

Sebenzisa isanithaza yezandla phakathi kokugezaukugcina izandla zihlanzekile futhi zingenawo amagciwane.

(Downloada ushicilele loluphawu ulusebenzise ekhaya lakho noma/kukanye ebhizinisini)