Isingeniso:
Kungani Ukuvikela Kubalulekile

Ezinye izifo kuthiwa zibangwa amabhaktheriya ayingozi kukanye nama-viruses, okujwayeleke ukubizwa ngamagciwane. Ukugula okubangwa amagciwane kunokuba kuncane njengomkhuhlane lo ojwayelekile, kodwa okunye kunobungozi futhi kungacishe kukubulale, njengefluyenza, ukudla okusabushevu nesifo somphimbo obuhlungu.

Amagciwane asatshalaliswa kusuka kumuntu aye komunye, ngokukhwehlela, ukuthimula noma ukuxhawulana. Amagciwane futhi ayadluliseleka ngokubamba into ekade ibanjwe umuntu onesifo salawo magciwane, kunokuba phezu kwamatafula, izibambo zeminyango noma izilwane zasekhaya. Enye indlela amagciwane asabalala ngayo ukudla ukudla neziphuzo ezitheleleke amagciwane ayingozi. Ukuthintana nezinambuzane noma nezilwane ezithelelanisa izifo futhi nakho kuyawadlulisa amagciwane.

Ukuthi izifo ziyathathelana zisabalale akuyona into engaziwa. Okunokuthi abantu bangabi nolwazi ngakho, ukuthi isifo siyaqala sisabalale amagciwane esafukanyelwe emzimbeni womuntu engabonakalisi nakancane izimpawu zokugula. Yingakho ukuthatha izinyathelo zokuphepha kubalulekile ngaso sonke isikhathi ukunqanda ukusabalala kwesifo.

Ukulandela amaphuzu wenze okufundiswa kulencwajana kungasiza ukuvikela kwasekuqaleni ukuthi ungangenwa isifo. 

Ezempilo Zonke

Ngokwemvelo umzimba wakho uyakwazi ukulwa namagciwane nobuthi obusezindaweni ezisizungezile. Ukuthi uqhubeke nokuvikela umzimba wakho ukuthi ungangenwa izifo, thatha lezinyathelo eziwusizo:

  1. Thola ukulala okwanele.
  2. Yidla ukudla okunomsoco okwanele ngazo zonke izikhathi zokudla.
  3. Jwayela ukuzivocavoca.

Ukuhlanzeka Komuntu

Ukuzigcina uhlanzekile nkathi zonke kuyindlela eqinisekisa ukuthi awuwedlulisi amagciwane asabalalisa izifo ezithathelanayo.

Geza izandla zakho

  1. Geza izandla zakho.
  2. Ukugeza izandla enye yezindlela eziphusile yokuvimbela ukusabalala kwamagciwane abanga izifo. Njalo geza izandla zakho, ikakhulu emva kwalokhu:
    1. a. Kokufinya, ukukhwehlela noma ukuthimula
    2. b. Uma kade uye endlini yangasese noma ubusithele uchitha amanzi.
    3. c. Ngaphambi, noma ngenkathi wenza ukudla noma sewuqedile
    4. d. Ngaphambili nangasemva kokudla
    5. e. Ngaphambili nangasemva ngokunakekela umuntu ogulayo
    6. f. Ngaphambili nangasemva kokuphatha inxeba noma isilonda.
    7. g. Emva kokuphatha izibi noma inkucunkucu.
    8. h. Emva kokubamba isilwane, ukudla kwaso noma indle yaso.
  3. Uma ugeza izandla zakho, sebenzisa insipho namanzi ashisayo. Khuhla izandla zakho imizuzwana ewu-20, bese uyazihlambulula kahle uzesule ngethawula elihlanzekile uma ungenawo umoya wokomisa izandla. Sebenzisa ithawula ukuvala umpompi.
  4. Sebenzisa amasanithaza ezandla.
  5. Amasanithaza ezandla angasetshenziswa kodwa akathathi indawo yokugeza izandla. Asetshenziswa ukwenezelela ukuhlanza izandla noma lapho kunesimo esibi sokuthi insipho namanzi awekho. Sebenzisa amasanithaza ane-alcohol okungenani ewu-60%.
  6. Nqamula ukubolekisana ngezinto zakho.
  7. Ukunqanda ukubhebhetheka kwamagciwane musani ukubolekisana ngezitsha, izingilazi zokuphuza, amankomishi nezinye izitsha. Futhi ningabolekisani ngamathawula, izingubo zokulala, amakamu, amabhulashi, izinto zokushefa nezinye nje izinto zakho.
  8. Zithibe ukubambabamba ubuso bakho ngezandla zakho.
  9. Isikhumba sakho sivikela umzimba wakho emagciwaneni, kodwa amehlo, ikhala nomlomo zisengcupheni. Hlanza kahle izandla zakho ngaphambi ngokuthi uzithinte ebusweni, udle noma uphuze.
  10. Uma ukhwehlela noma uthimula zivale.
  11. Uma ukhwehlela noma uthimula, sebenzisa i-tissue noma indololwane yakho ukuze amagciwane akho angaphumeli emoyeni.
  12. Gwema abantu abagulayo.
  13. Gwema ukuthintana nabantu abagulayo futhi ubatshene bazahlukanise babe bodwa baze babe ngcono kuphele zonke izimpawu zesifo.
  14. Gwema ukuthintana nezilwane zasekhaya nezinye uma usagula.
  15. Uma umuntu ogulayo ephulula umangobe wakhe noma inja, njengesilinganiso nje, unokushiya amagciwane oboyeni besilwanyana okuzothi uma omunye umuntu esiphulula amagciwane adlulele kuye.

Ukuhlanzeka nokuSanithaza

Ukuzigcina uhlanzekile kubalulekile ukunqanda ukubhebhetheka kwezifo ezithathelanayo. Indawo esetshenziswa abantu abaningi idinga ukuhlanzwa nokusanithazwa njalo.

Ukungcola nezibi zimelwe ukushanelwa kusulwe. Noma ukushanela nokuhlanza indawo kususa ukungcola nezibi, ukuhlanza kodwa akuwabulali amagciwane phezu kwezinto.

Ukusanithaza kususa amagciwane lawa angabonakali, abanga izifo, njengamabhaktheriya nama-viruses. Uma sekushaneliwe kwahlanzwa ngamanzi, kubalulekile ukuthi kusanithazwe zonke izindawo ezihlala zibanjwa abantu ngezandla, ukuze zihlanzeke ngokuphelele.

Imikhiqizo Esetshenziswa ukuSanithaza

Ibhodlela lokufafaza

  1. Ukusanithaza phansi naphezu kwamatafula nezinto ezibanjwa ngezandla, sebenzisa isibulala magciwane njenge-hydrogen peroxide. Sebenzisa exutshwe phakathi kuka 3% (ejwayele ukusetshenziswa ekhaya) no 7.9%.
  2. Esinye isibulala magciwane esisebenza kahle i-alcohol yokuhlanza okungeyona yokuphuzwa. Sebenzisa imikhiqizo ye-alcohol okungenani eno 70% we-alcohol. Ungalingi nakancane usebenzise‑imikhiqizo ene-alcohol engaphezu kuka 90%, ngoba yona ivele yome ngokuphazima kwehlo ingakabulali ama-viruses.
  3. Ungasebenzisa amanzi axutshwe nebleach ngalendlela 1/12-, inkomishi (4 izipuni ezincane) ze-bleach uhlanganise nelilodwa i-quart lamanzi apholisiwe (20 ml ye‑bleach ixutshwe nelitha yamanzi apholisiwe). Ngaso sonke isikhathi uma uxuba i-bleach, bheka usuku lokuphela kwesikhathi efanelwe ukusetshenziswa ngalo.
  4. Qaphela: Ungalingi uxube i-bleach namanye amakhemikhali noma ezinye izinto zokuhlanza ngaphandle kwamanzi kuphela.
  5. Ngaso sonke isikhathi funda futhi ulandele umlayezo obhalwe ngabakhiqizi, kukanye nesikhathi okufanele sithathwe endaweni emuva ngokusetshenziswa.

Izindawo ezidinga ukuSanithazwa

  1. Hlanza futhi usanithaze izindawo enizisebenzisa kakhulu nenizibamba njalo ekhaya kaningana ngelanga, phinde kuxhumekeke ngobuningi bezikhathi nizithinta:

    • Izindawo zezingane
    • Izibambo zezicabha
    • Okokubambelela uma ukhuphuka izitebhisi
    • Phezu kwamatafula namakhabethe
    • Amafoni
    • Phezu kwamadeski
    • Amatafula
    • Izibambo zezihlalo
    • Ezinye izindawo nezinto ezithintwa zibanjwe njalo
  2. Sanithaza izindlu zokugeza:

    • Izibambo zezicabha
    • Eduze kukanye nosinki
    • Ishawa yokugeza
    • Izindlu zangasese
  3. Uma usebenzisa imoto ukuhamba nayo isanithaze ngaphakathi:

    • Isondo lokujikisa olibamba uma ushayela
    • Izibambo zezicabha
    • Nezinye izindawo ezithintwa njalo

Wenze Njani Ngesifo noma Izimpawu

Uma uqala ugula noma uba nezimpawu ezikhombisa ukuthi uyagula, gwema ukuhlangana nabanye abantu bese ngokushesha uthole usizo lwezempilo oludingayo.

Ukuzihlukanisa

Ukuzihlukanisa kusho ukuzihlukanisa ukuze amagciwane angadluliseki kwabanye.

Uma ugula noma usola sengathi uyagula uphethwe isifo esithathelanayo, nqamula ukuthintana nabanye. Ungayi emsebenzini noma emphakathini uma kungenzeka.

Ekhaya, thatha izinyathelo zokunciphisa ukufaka abanye engcupheni uma kuwukuthi kukhona ohlala nabo:

  1. Lala kwelinye elikhethekile igumbi.
  2. Sebenzisa enye indlu yokugeza engasetshenziswa uwo wonke umuntu ekhaya.
  3. Gwema izindawo ezijwayelekile zasekhaya.
  4. Gwema izilwane zasekhaya.
  5. Izimpahla zakho mazingahlanjwa nezabanye, zihlukaniswe.
  6. Sebenzisa izitsha ezisetshenziswa kanye zilahlwe. 

Izifo Eziqubukayo
Isiqapheliso

Uma kutholakala ukuthi kuqubuke isifo esithathelanayo, kumelwe kuthathwe izinyathelo zokuphepha emakhaya nasemisebenzini.

Ukuthintana Nabantu

Uma kuqubuke isifo esithathelanayo, gwema ukuthintana nabantu, lokhu kumbandakanya ukuthintana kwalezinhlobo:

Ukwangana nokugonana
Ukwangana nokugonana
Ukuqabulana
Ukuqabulana
Ukubulisana ngesibhakela
Ukubulisana ngesibhakela
Ukuxhawula okusampama phezulu
Ukuxhawula okusampama phezulu
Ukuxhawulana
Ukuxhawulana

Ukwenza Ukuqhelelana Kwabantu

Ukwenza Ukuqhelelana Kwabantu
Izinyawo eziwu-6
(2 amamitha)

Njengoba amagciwane esabalaliswa ukukhwehlela nokuthimula, ngesikhathi kuqubuke isifo esithathelanayo, kuyinto encomekayo ukuthi abantu bamelane kujana singathi nje izinyawo eziwu-6 (amamitha amabili) phakathi kwakho nabanye abantu.

Uma uthi lapho uxhumana nabanye, kudliwa noma ngokuhlalisana, ukugcina isikhala esanele sokuqhelelana kuyokusiza wena nabanye ukuthi nigakutholi ukugula.

Izisithelo Zobuso

Izisithelo zobuso zisiza ukunqanda ukusabalala kwamagciwane uma umuntu ogulayo ekhuluma, ekhwehlela noma ethimula. Ngokufaka izisithelo zobuso, abantu abagulayo bavimbela ukuthi isifo sisabalale siye kwabanye.

Faka isisithelo sobuso uma ugula unesifo esithathelanayo noma nje usola ukuthi uyagula.

Ngoba unokuthelela abanye ngaphandle kokwazi nangaphandle kwezimpawu ezibonakalayo, ngaso sonke isikhathi faka isisithelo sobuso uma unabantu abadala noma abantu abagulayo ukuze wehlise izinga lokusabalalisa amagciwane.

Futhi faka isisithelo sobuso uma ungahle uthintane nabantu abangenwe isifo.

Isisithelo sinomunye umsebenzi—sikunqanda ukuthi kwawena ungalokhu uzithinta umlomo nekhala.

Ngokwesibonelo, uma uthinta indawo noma into etheleleke amagciwane omuntu ogulayo ngokuyithinta kuqala kunawe, amagciwane azoba sezandleni zakho. Uma-ke usuzithinta ikhala noma umlomo ngesandla sakho, amagciwane abese engena emzimbeni wakho ungenwe isifo. Lena enye yezindlela amagciwane asabalala ngayo.

Ngakho isisithelo sobuso sinqanda ukungenwa isifo njengoba kungelula ukuthi uzithinte umlomo nekhala uma ufake isisithelo.

Izisithelo kumele zikhunyulwe, kambalwa, kanye ngelanga noma uma sezimanzi noma zingcolile.

Usifaka Kanjani Isisithelo Sobuso

  1. Ngaphambi kokufaka isisithelo sobuso, geza izandla ngensipho namanzi.
  2. Hlola isisithelo ukuthi akunakudabuka noma izimbobo ezibonakalayo ezizokwenza isisithelo sehluleke ukukuvikela.
  3. Zinqumele ukuthi ingaphambili lesisithelo lingakuliphi icala. Icala elinombala lesisithelo ilona elibheka ngaphandle.
  4. Zinqumele ukuthi iliphi icala elizoba phezulu. Uma isisithelo sinecala elilukhunyana eligobekayo lokho kwakhelwe ukuhlala kahle embonjeni wekhala, yicala okumele libe phezulu-ke lelo.
  5. Uma isisithelo sakho sinentambo enwebekayo ihlale phezu kwekhanda, bamba isisithelo ebusweni udonse intambo enwebekayo ihlale kahle ekhanda lakho.
  6. Donsa isisithelo ngaphansi ukuvala umlomo nesilevu sakho.
  7. Umelwe ukusilahla isisithelo uma usuqede ukusisebenzisa. Ungalingi uphinde usebenzise isisithelo obukade usuke wasisebenzisa.
  8. Gezisisa izandla zakho.

Amagilavu Asetshenziswa Bese Elahlwa

Noma unokugcina ikhaya lakho lihlanzekile futhi lisanithaziwe, uma uya ezitolo nasemphakathini usengcupheni yokungenwa izifo ezithathelanayo.

Lezinto nezindawo njengamatafula asezitolo, amaphampu okuthela uphethiloli zinokukuthelela amagciwane uma kade zibanjwe umuntu ogulayo ngaphambi kokuzibamba kwakho.

Ukufaka amagilavu alahlwayo kuvimbela ukuba amagciwane angadluliseki. Kunendlela eyiyo yokufaka amagilavu ukuze asebenze kahle.

Uwafaka Kanjani Amagilavu

  1. Ngaphambi kokufaka amagilavu alahlwayo, geza izandla zakho ngensipho namanzi.
  2. Bamba ngeminwe emibili ngaphandle nangaphakathi igilavu ngasesihlakaleni. Nakekela ukuthi ungalokhu ubambabamba igilavu ngaphandle. Ngokunakekela faka esinye isandla sakho igilavu.
  3. Okwamanje ungazami ukulilungisa kahle eminweni igilavu uze uwafake womabili.
  4. Thatha elesibili igilavu ulibambe ngeminwe emibili ngaphandle nangaphakathi esihlakaleni ulifake njengoba kuchaziwe lapha ngenhla.
  5. Hlola ukuthi amagilavu akubonakali ukudabuka noma izimbobo. Uma zikhona, wakhumule amagilavu, geza izandla ufake amagilavu amasha.
  6. Donsa womabili amagilavu eze ngasezihlakaleni zakho uzame ukuvala isikhumba sakho kahle ahlale kahle amagilavu ezandleni.
  7. Uma uzithinta ebusweni, uma igilavu lidabuka noma uma unokungabaza ngegilavu ukuthi lingcolile noma lithelelekile:
    • a. Masishane wakhumule uwalahle amagilavu.
    • b. Gezisisa izandla zakho.
    • c. Faka amanye amasha amagilavu.
  8. Wasebenzise kanye bese uyawalahla amagilavu. Ungalingi uphinde usebenzise okwesibili amagilavu obukade uwasebenzisa.
  9. Gezisisa izandla zakho.

Izinyathelo Zokuphepha Ezinqala Ekhaya Nasemsebenzini

  1. Uma kunesifo esiqubukile, hlanza uphinde usanithaze kaningana kunenhlalayenza izindawo nezinto ezithintwa kakhulu nezinabantu ekhaya nasemsebenzini:

    • Izindawo zezingane
    • Izibambo zezicabha
    • Okokubambelela uma ukhuphuka izitebhisi
    • Phezu kwamatafula
    • Ompompi
    • Amafoni
    • Phezu kwamadeski
    • Amatafula
    • Izibambo zezihlalo
    • Nezinye izindawo nezinto ezijwayele ukuthintwa
  2. Qiniseka ukuthi usanithaze zonke izinto ezibanjwa njalo:

    • Amakhomputha namadivayisi abantu abawasebenzisayo
    • Izikhiye
    • Ama-Credit cards
    • Ama-Tablets
    • Ama-Remote
    • Ama-Keyboards
    • AmaPeni
    • Nezinye izinto ezihlala zithintwa njalo
  3. Sanithaza indlu yokugeza, indlu yokuphekela kukanye nemoto ngendlela ethe xaxa kunakuqala.
  4. Thola izinkomba zokuthi isiphi isibulalala magciwane esimelwe sisetshenziswe uma kuqubuke siphi isifo. Unokudinga ukusebenzisa umkhiqizo othize ukubulala ibhaktheriya noma i-virus ethize.

Uma Uphuma noma Ubuyela Ekhaya Lakho

  1. Uma kunesifo esithathelanayo esiqubuke endaweni yakini, phuma ekhaya lakho kuphela uma kudingeka ngempela noma uma niyalelwa iziphathimandla zendawo.
  2. Uma kudingeka ukuthi uphume ekhaya lakho, faka isisithelo sobuso namagilavu alahlwayo.
  3. Gcina isikhala esenele ukuqhelelana nabanye.
  4. Ngaphambi kokuthi ubuyele ungene ekhaya lakho, yenza lokhu:

    • a. Khumula izicathulo zakho uzishiye phandle, noma uzifafaze ngesibulala magciwane.
    • b. Khumula isisithelo sobuso namagilavu okulahlwa, uzilahle.
    • c. Faka amagilavu amasha, sebenzisa isibulala magciwane kuzo zonke izinto obuzisebenzisile ngenkathi uphumile ekhaya—izikhiye, ama-credit cards, isikhwama semali, nokunye.
  5. Lahla amagilavu.
  6. Gezisisa izandla zakho.

Ukulandela Imigomo nemiHlahlandlela
yeNdawo

gcui_vm:healthy-booklet-local-guidelines

Uma iziphathimandla zikhiphe imigomo nezinyathelo zokuphepha okumelwe zilandelwe ukuvimbela ukubhebhetheka kwesifo esithathelanayo, yilandele uma isabekiwe. 

Ukubeka Ngokufingqiwe

Ngokulandela lemihlahlandlela nezinyathelo zokuphepha ezikulencwajana, ungasiza ukuvimbela ukusabalala kokugula ugcine indawo ohlala kuyo isesimweni sokuphila kahle. 



Lemininingwane inikezwe ngenjongo yokunika ulwazi kuphela, futhi akumelanga kuthathwe ngayo ukuthi ingena esikhundleni somsebenzi okhokhelwa ngobungcweti bezokwelapha. Nanoma ngayiphi imibuzo onayo, funa njalo ukwelulekwa ngudokotela wakho noma abanye abafaneleyo abanikezela ngokunakekela ngokwezempilo.


Uhlu

amabhaktheriya: imizimba emncane kakhulu eyigqamuzana elilodwa okwazi ukuyibona nge-microscope kuphela. Amabhaktheriya akhona yonke indawo, kukanye ngaphakathi nasemzimbeni. Kukhona amanye awusizo, njengalamabhaktheriya asiza ukugaya ukudla esiswini. Amanye anobungozi kakhulu, njengalawa abangela ukubola kwamazinyo nezifo.

i-bleach: ikhemikhali enamandla yokuhlanza ebulala amabhakteriya namagciwane.

kuyathathelana: kukwazi ukusuka kumuntu kungene komunye umuntu.

siyathathelana: kukwazi ukusuka kumuntu kungene komunye umuntu, kakhulukazi ngokuthintana nasemoyeni.

isibulala magciwane: ikhemikhali eliwuketshezi lokubulala amabhaktheriya namagciwane.

ukudla okusabushevu: ukugula okubangelwa ukudla ukudla okonakaliswe amabhaktheriya anobungozi.

i-ethyl alcohol: uhlobo lwe-alcohol eyakhiwe ngezinhlavu ezibilisiwe. Iwuketshezi olungenambala inephunga eligqamile isetshenziswa ngezindlela eziningi, kukanye nokubulala amabhaktheriya nama-viruses.

i-hydrogen peroxide: ikhemikhali esamanzi esetshenziswa ukubulala imizimba emincane kakhulu engabonakali ebanga izifo, futhi iyasetshenziswa ukususa amabala nokwenza mhlophe izinto.

kwenhlanzeko: izenzo zezempilo nokuhlanzeka ezidingekayo ukuzigcina usesimweni sokuphila kahle.

esafukanyelwe: isikhathi kusukela umuntu engenwa igciwane likhula ngaphakathi emzimbeni kuze kuqale ukuvela izimpawu zokugula.

ezithathelanayo: ezikwazi ukusuka komunye umuntu zingene komunye.

ukuzihlukanisa: ukubeka umuntu ogulayo endaweni ehlukene kunabanye abantu ukuze isifo esimphethe singangeni kwabanye.

i-sanithaza: ikhemikhali ethakiwe ebulala amagciwane abanga izifo.

insipho: ikhemikhali esetshenziselwa ukuhlanza. Inokuba isigaqa noma uketshezi, ithakwe ngendlela okuthi uma ihlanganiswa namanzi bese ikhuculula ukungcola kuhlanjululwe bese lokho obokuhlanzwa ngensipho kusale kuhlanzekile.

isifo somphimbo: isifo somphimbo obuhlungu esibangwa uhlobo lwebhaktheriya ebizwa ngokuthi i-streptococcus. Isifo somphimbo sibanga umphimbo obuhlungu, ukushisa komzimba nokuphelelwa amandla.

uphawu: umehluko emzimbeni okhomba ukuthi umuntu unokugula.

i-virus: umthombo wokugula emzimbeni omncane kakhulu kangokuba awubonakali nge-microscope ejwayelekile. Ama-viruses athelela imizimba yabantu ngezifo ezifana nomkhuhlane lo ojwayelekile kukanye nezinye izifo eziyingozi kakhulu impela.

Ezinye Izinsiza

Ungadownloada ushicilele lezimpawu uzisebenzise ekhaya lakho noma ebhizinisini.

Ukwenza Ukuqhelelana

Indlela enempumelelo ukuvikela ukusabalala kokugula nokuthelelana isifo ukwenza ukuqhelelana‑ukwandisa ngamabomu isikhala phakathi kwabantu ababili noma abangaphezulu.

Ukuthintana Kwabantu

Ukwenzela ezempilo nokuphepha kwawo wonke umuntu, gwema ukuthintana nabanye ngalesikhathi njengalokhu.

Indlela Yokugeza Izandla

Ukugeza izandla enye eyeziphusile nezinempumelelo izindlela zokuvikela ukusabalala kwamagciwane.

Isanithaza Yezandla

Isanithaza yezandla isetshenziswa ukwenezelela ukugeza izandla noma kunesimo esimbi lapho insipho namanzi zingatholakali ngaleso sikhathi.