Isingeniso

Noma unokugcina ikhaya lakho lihlanzekile futhi lisanithaziwe, uma uya ezitolo nasemphakathini usengcupheni yokungenwa izifo ezithathelanayo.

Lezinto nezindawo njengamatafula asezitolo, amaphampu okuthela uphethiloli zinokukuthelela amagciwane uma kade zibanjwe umuntu ogulayo ngaphambi kokuzibamba kwakho. Noma unokukhumbula ngaso sonke isikhathi ukugcina isikhala esanele phakathi kwakho nabanye, unokuzithola useduze kwabantu abagulayo uma usalindile emugqeni wokuthenga izinto eziyizidingo.

Ukugqoka isisithelo sobuso namagilavu uma uphumela ngaphandle kuyasiza ukukuvikela wena futhi nabanye ukungangenwa ukugula okuthathelanayo ngalesikhathi kunesifo esiqubukayo.

Lencwajana inikezela ngemininingwane yokuthi ungakwenza kanjani kahle ukusebenzisa isisithelo sobuso namagilavu alahlwayo. 

Izisithelo Zobuso

Izisithelo zobuso zisiza ukunqanda ukusabalala kwamagciwane uma umuntu ogulayo ekhuluma, ekhwehlela noma ethimula. Ngokufaka izisithelo zobuso, abantu abagulayo bavimbela ukuthi isifo sisabalale siye kwabanye.

Faka isisithelo sobuso uma ugula unesifo esithathelanayo noma nje usola ukuthi uyagula.

Kubalulekile futhi ukwazi ukuthi ungathelela nabanye ngaphandle kokubona lokho. Isibonelo, umuntu angaba namagciwane emzimbeni wakhe nokho angabi nezimpawu zokugula. Kodwa omunye umuntu ongathintana naye angatheleleka.

Yingakho kumele ngaso sonke isikhathi ugqoke isisithelo uma uzungezwe ngabantu abadala noma abantu abanenkinga kwezempilo ukwehlisa ukubhebhetheka kwamagciwane.

Futhi faka isisithelo sobuso uma ungahle uthintane nabantu abangenwe isifo.

Isisithelo sinomunye umsebenzi—sikunqanda ukuthi kwawena ungalokhu uzithinta umlomo nekhala.

Ngokwesibonelo, uma uthinta indawo noma into etheleleke amagciwane omuntu ogulayo ngokuyithinta kuqala kunawe, amagciwane azoba sezandleni zakho. Uma-ke usuzithinta ikhala noma umlomo ngesandla sakho, amagciwane abese engena emzimbeni wakho ungenwe isifo. Lena enye yezindlela amagciwane asabalala ngayo.

Ngakho isisithelo sobuso sinqanda ukungenwa isifo njengoba kungelula ukuthi uzithinte umlomo nekhala uma ufake isisithelo.

Usifaka Kanjani Isisithelo Sobuso

  1. Ngaphambi kokufaka isisithelo sobuso, geza izandla ngensipho namanzi. Uma lokhu kungatholakali, sebenzisa isanithaza yezandla.
  2. Hlola isisithelo ukuthi akunakudabuka noma izimbobo ezibonakalayo ezizokwenza isisithelo sehluleke ukukuvikela.
  3. Zinqumele ukuthi ingaphambili lesisithelo lingakuliphi icala. Icala elinombala lesisithelo ilona elibheka ngaphandle.
  4. Zinqumele ukuthi iliphi icala elizoba phezulu. Uma isisithelo sinento yokubambelelisa ekhaleni (umphetho oqinaqinile, ogobekayo), lokhu kwenzelwe ukulingana nokubumbeka kombombo wekhala lakho okwangenhla.
  5. Uma isisithelo sakho sinentambo enwebekayo ihlale phezu kwekhanda, bamba isisithelo ebusweni udonse intambo enwebekayo ihlale kahle ekhanda lakho.
  6. Uma isisithelo sakho sinezihibe zezindlebe, bamba isisithelo ngezihibe ubeke isihibe uzungeze indlebe ngayodwa.
  7. Uma ubude bezihibe zesisithelo sakho ukwazi ukubuguqula, zidonse njengoba kudingeka ukugcina isisithelo sakho sihlezi kahle.
  8. Uma izihibe zesisithelo sakho zingezona lezi eziguqulwayo, ungazinciphisa, uma kudingeka, ukukusiza ukuthi isisithelo sakho sihlale kahle. Mane ubhije isihibe ngasinye ukwenza i-loop yokufaka endlebeni ngayinye.
  9. Lungisa kahle ukubambelelisa embonjeni wekhala. Sebenzisa iminwe yazo zombili izandla ukubumba ukubambelela kahle embonjeni wekhala lakho.
  10. Qaphela: Uma usebenzisa izibuko, ukulungisa kahle ukubambelela embonjeni wekhala lakho kwenza ukuthi kungabi nenkungu ezibukweni zakho.

    Ukubeka izibuko zakho phezu kwesisithelo kuvimba ukuphuma komoya emakhaleni wakho owenza inkungu ezibukweni.

  11. Donsa isisithelo sakho ngezansi ukuvala umlomo kukanye nesilevu sakho.
  12. Qiniseka ukuthi kuvaleke kahle kusuka embonjeni wekhala lakho kuze kube ngaphansi kwesilevu sakho.

    Akulungile
  13. Ungabeki isisithelo ngaphansi kwesilevu sakho.
  14. Akulungile
  15. Ungafaki isisithelo esishiya isilevu sakho singavalekanga.
  16. Akulungile
  17. Ungafaki isisithelo esiphelela ekuqaleni kwekhala lakho kuphela.
  18. Akulungile
  19. Ungafaki isisithelo ngaphansi kwekhala lakho. Lokho kubulala yonke injongo yesisithelo.
  20. Akulungile
  21. Uma uyeka ikhala nomlomo zingavalekanga, amagciwane anokuzingenela kalula. Awukho engcupheni yokusabalalisa amagciwane kwabanye nje kuphela, kepha wenza ingaphambili lesisithelo sakho ligcwale amagciwane.
  22. Kulungile
  23. Ngaso sonke isikhathi uma ufaka isisithelo, qiniseka ukuthi ikhala, umlomo nesilevu sakho kuvalekile.
  24. Shintsha isisithelo sakho sobuso, okungenani, kanye ngosuku noma masishane uma siba manzana noma singcolile. Uma unokusola okuthize ngesisithelo, sisuse ngalesosikhathi, usilahle, geza izandla zakho uthole esinye esisha.

Usisusa Kanjani Isisithelo

Ngokususa isisithelo sobuso ngendlela efanele, wehlisa ubungozi bokubhebhetheka kwamabhaktheriya noma amagciwane esikhumbeni sakho noma ezindaweni ezikuzungezile. Ukususa isisithelo, yenza lokhu okulandelayo.

  1. Ngaphambi kokususa isisithelo sobuso, geza izandla zakho ngensipho namanzi. Uma lokhu kungatholakali, sebenzisa isanithaza yezandla.
  2. Gwema ukuthinta izindawo zesisithelo ezivale ubuso. Thinta kuphela izintambo ezinwebekayo zesihibe ezisetshenziselwa ukusibambisa ezindlebeni.
  3. Uma isisithelo sakho sinezintambo ezinwebekayo ezilingana ngaphezu kwekhanda lakho, phakamisa ekhanda lakho izintambo zangenzansi kuqala, bese udonsa izintambo zangaphezulu ngaphezu kwekhanda lakho.
  4. Uma isisithelo sakho sinezihibe zezindlebe, zibambe zombili futhi ngobumnene uphakamise ukususa isisithelo.
  5. Umelwe ukusilahla isisithelo uma usuqede ukusisebenzisa. Ungalingi uphinde usebenzise isisithelo obukade usuke wasisebenzisa.
  6. Gezisisa izandla zakho.
Amagilavu Asetshenziswa Bese Elahlwa

Ukugqoka amagilavu nako kuyasiza ukuvimbela ukudluliseka kwamabhaktheriya futhi nama-viruses.

Kunendlela elungileyo yokufaka nokukhipha amagilavu alahlwayo ukuze asebenze kahle.

Uwafaka Kanjani Amagilavu

Ketha okulungele usayizi wamagilavu. Ukusebenzisa amagilavu angakulingani kahle kwandisa ukuthola ukulimala noma ukutheleleka. Uma amagilavu emakhulu kakhulu, lokuxega kwawo kwehlisa ukusebenza kahle kwakho kwenze ungakwazi ukubamba kahle.

Faka amagilavu ngendlela elandelayo:

  1. Khipha amawashi, izindadatho nobunye ubucwebe ezandleni zakho. Lokhu kuvikela ukudabuka ngephutha kwamagilavu.
  2. Geza izandla zakho ngensipho namanzi. Uma lokhu kungatholakali, sebenzisa isanithaza yezandla.
  3. Bamba ngeminwe emibili ngaphandle nangaphakathi igilavu ngasesihlakaleni. Nakekela ukuthi ungalokhu ubambabamba igilavu ngaphandle. Ngokunakekela faka esinye isandla sakho igilavu.
  4. Okwamanje ungazami ukulilungisa kahle eminweni igilavu uze uwafake womabili.

  5. Thatha elesibili igilavu ulibambe ngeminwe emibili ngaphandle nangaphakathi esihlakaleni ulifake njengoba kuchaziwe lapha ngenhla.
  6. Hlola ukuthi amagilavu akubonakali ukudabuka noma izimbobo. Uma zikhona, wakhumule amagilavu, geza izandla ufake amagilavu amasha.
  7. Donsa womabili amagilavu eze ngasezihlakaleni zakho uzame ukuvala isikhumba sakho kahle ahlale kahle amagilavu ezandleni.
  8. Uma uzithinta ebusweni, uma igilavu lidabuka noma uma unokungabaza ngegilavu ukuthi lingcolile noma lithelelekile:
  9. a. Masishane wakhumule uwalahle amagilavu.
  10. b. Gezisisa izandla zakho.
  11. c. Faka amanye amasha amagilavu.

Uwakhipha Kanjani Amagilavu Alahlwayo

Ngokukhipha amagilavu alahlwayo kahle, wehlisa ubungozi bokubhebhetheka kwamabhaktheriya noma ama-viruses esikhumbeni sakho esivelile noma izindawo ezikuzungezile. Ukukhipha amagilavu alahlwayo, yenza okulandelayo:

  1. Khipha amagilavu andaweni ehlanzekile, hayi duze nokudla noma indawo ethintana nokudla.
  2. Ncinza ingaphandle kwegilavu elilodwa esihlakaleni sakho.
  3. Xebulela phansi, kude nesihlakala, phendulela igilavu ingaphakathi libe ngaphandle. Donsa igilavu kude kuzekube lisukile kahle esandleni sakho.
  4. Bamba igilavu osulihlanezele ngesandla esinegilavu.
  5. Ngesandla sakho esingenagilavu, shutheka iminwe yakho ngaphansi kwesihlakala segilavu. Ungathinti ingaphandle legilavu.
  6. Xebulela phansi, kude nesihlakala sakho, phendulela igilavu ingaphakathi libe ngaphandle. Donsa igilavu kuzekube lisukile esandleni sakho.
  7. Qhubeka udonsele igilavu phansi, ngaphezu kwelokuqala igilavu. Lokhu kuqinisekisa womabili amagilavu akhishelwe ingaphakathi laba ngaphandle nokuthi noma wukuphi ukutheleleka kunga thinti izandla zakho esezisobala.
  8. Wasebenzise kanye bese uyawalahla amagilavu. Ungalingi uphinde usebenzise okwesibili amagilavu obukade uwasebenzisa.
  9. Gezisisa izandla zakho.
Uma Uphuma noma Ubuyela Ekhaya Lakho
  1. Uma kunesifo esithathelanayo esiqubuke endaweni yakini, phuma ekhaya lakho kuphela uma kudingeka ngempela noma uma niyalelwa iziphathimandla zendawo.
  2. Uma kudingeka ukuthi uphume ekhaya lakho, faka isisithelo sobuso namagilavu alahlwayo.
  3. Gcina isikhala esenele ukuqhelelana nabanye.
  4. Ngaphambi kokuthi ubuyele ungene ekhaya lakho, yenza lokhu:
    • a. Khumula izicathulo zakho uzishiye phandle, noma uzifafaze ngesibulala magciwane.
    • b. Khumula isisithelo sobuso namagilavu okulahlwa, uzilahle.
    • c. Faka amagilavu amasha, sebenzisa isibulala magciwane kuzo zonke izinto obuzisebenzisile ngenkathi uphumile ekhaya—izikhiye, ama‑credit cards, isikhwama semali, nokunye.
  5. Lahla amagilavu.
  6. Gezisisa izandla zakho.
Ukubeka Ngokufingqiwe

Uma ugqoka isisithelo sobuso namagilavu, sebenzisa lezinyathelo zokuphepha ezikulencwajana ukuzifaka nokuzikhipha. Lokhu kuzokwenza ukuthi kusebenze kahle ukuzivikela wena ekubhebhethekeni kwamagciwane. 



Lemininingwane inikezwe ngenjongo yokunika ulwazi kuphela, futhi akumelanga kuthathwe ngayo ukuthi ingena esikhundleni somsebenzi okhokhelwa ngobungcweti bezokwelapha. Nanoma ngayiphi imibuzo onayo, funa njalo ukwelulekwa ngudokotela wakho noma abanye abafaneleyo abanikezela ngokunakekela ngokwezempilo.


Ezinye Izinsiza

Ungadownloada ushicilele lezimpawu uzisebenzise ekhaya lakho noma ebhizinisini.

Ukwenza Ukuqhelelana

Indlela enempumelelo ukuvikela ukusabalala kokugula nokuthelelana isifo ukwenza ukuqhelelana‑ukwandisa ngamabomu isikhala phakathi kwabantu ababili noma abangaphezulu.

Ukuthintana Kwabantu

Ukwenzela ezempilo nokuphepha kwawo wonke umuntu, gwema ukuthintana nabanye ngalesikhathi njengalokhu.

Indlela Yokugeza Izandla

Ukugeza izandla enye eyeziphusile nezinempumelelo izindlela zokuvikela ukusabalala kwamagciwane.

Isanithaza Yezandla

Isanithaza yezandla isetshenziswa ukwenezelela ukugeza izandla noma kunesimo esimbi lapho insipho namanzi zingatholakali ngaleso sikhathi.